
Isibaya Sikababa Lyrics
Nkeshemba
Source: YouTube Music
Ngaye ngazikhethela yena Ngaye ngazikhethela yena Ngaye ngazikhethela yena Ngaye ngazikhethela yena Mm-mm, mm Cha khona ngikhethe kahle Uma ngikhethe umuntu omuhle kanjena Uyojabula owami uma Uyojabula, ejabule Uyojabula umama Hha khona ngikhethe kahle Uma ngikhethe umuntu omuhle kangaka Uyojabula owami uma Uyojabula, ejabule Uyojabula umama Mama hlala phansi nayi 'ndaba ngik'xoxele Ngathi kulezinsuku senizom'bona umakoti wenu Ngathi usezivezile umaqondana, impela uyena Wangikhipha emjolweni mama wangifaka othandweni Ubuhle bentokazi, uNobuhle igama lakhe I-smile sakhe singenza ngiyogiya entabeni Iphimbo lakhe lisho umzwilili emadlebeni Ngizwa umnkenenezo osho kamnandi enhlizweni yami Kusukela kudala sibuya kude naye Ngangiqala ukum'bona wangi-chocka ngamehl'akhe Wayithatha inhliziyo wayiphosa ekujelini wema Wayinekeza uthando kwawukumuka kwami lokho Ngicela uma utshela ubaba umxoxele ngaye Umtshele ukuthi umalokazana wakhe Umtshele ukuthi mina ngiyazifela ngaye Umtshele ukuthi unenhlonipho akadeleli Muhle umntanomuntu impela mama istetelezi Isizotha esitholakala kuye, ukhuthele Inkomo zikababa ziyowela emzini ofanele Ngiyoyishaya iphelele impela mama kuhle kwethu Muhle umntanomuntu impela mama istetelezi Isizotha esitholakala kuye, ukhuthele Inkomo zikababa ziyowela emzini ofanele Ngiyoyishaya 'phelele impela mama kuhle kwethu Ngingas'qothula sonke isibaya sikababa Abafwethu bayosala benani Uma int'enhle itholaka kuwe Uyilento efuneka kumama Ngiyos'qothula sonke isibaya sikababa Abafwethu bayosala belobola ngemali Yonke int'enhle itholaka kuwe Uyilento efuneka kumama Uyilento efuneka kumfazi Uyilento efuneka kumalokazane Uyilento efuneka kumfazi Uyilento efuneka kumalokazane Ngiyos'qothula sonke isibaya sikababa Abafwethu bayosala benani Uma int'enhle itholaka kuwe Uyilento efuneka kumama Ngaye ngazikhethela yena Ngaye ngazikhethela yena Ngaye ngazikhethela yena Ngaye ngazikhethela yena (Ngiyosqothula sonke isibaya sikababa) ngaye ngazikhethela yena (Abafwethu bayosala benani) ngaye ngazikhethela yena (Uma int'enhle itholaka kuwe) ngaye ngazikhethela yena (Uyilento efuneka kumama) ngaye ngazikhethela yena (Ngiyosqothula sonke isibaya sikababa) ngaye ngazikhethela yena (Abafwethu bayosala belobola ngemali) ngaye ngazikhethela yena (Yonke int'enhle itholaka kuwe) ngaye ngazikhethela yena (Uyilento efuneka kumama) ngaye ngazikhethela yena (Uyilento efuneka kumfazi) ngaye ngazikhethela yena (Uyilento efuneka kumama) ngaye ngazikhethela yena
Create Your Own Playlist
Save this song and build your perfect collection. 100% free, no ads.